Saturday, 15 August 2015

ABACULI ABADUMILE BASOLWA OCANSINI NODLA AMA ARV's

Sekuyinsakavukela ukuphosana ngamazwi alumelayo kubalandeli bomculo kamaskandi kunkundla yezokuxhumana ifacebook. Lokhu kwenzeke ikakhulukazi kuma group lapho kuhlangene khona abalandeli bawo onke amaciko.
Namhlanje kube nokunqubuzana ngazo izithupha phakathi kuka Otto wase MaChunwini kanye no Nqobile Skhuva Queen waKwaNdlovu. Okwehlukile ngalengxabano yanamhlanje ukuthi kade bejikijelana ngamagama kuma timeline wabo nokudonse amehlo abantu abaningi ngisho abangawulandeli lomculo.

Empeleni lendaba iqale ekuqaleni kwaleli sonto lapho uNqobile ayekhala ngabesilisa ababhala kabi ngabesifazane ngaso sonke iskhathi nokwagcina ngokuthi uOtto akhushukelwe ushukela ngoba ebona ungathi lenkulumo igudla yena ngoba ebhala ngabesifazane isikhathi esiningi. Ikhombise ukwenyuka lendaba ngaphansi kwawo umbhalo weSkhuva Queen lapho sebethukana.

Okuyikona okushiye abaningi behlasimula umzimba ukuthi umfo wase MaChunwini atshele uMaNdlovu kubuka lonke izwe ukuthi uphila ngama ARV's kanti useke wahushula nezisu ezimbili zabaculi baka maskandi okungo Mjikijelwa Ichalaha Ngubane kanye no Lungelo Ngelo V Vilane. Ubuye wamsola ngokuthi ulwa izimpi zalabaculi kufacebook.
Kube nhlanga zimuka nomoya noma sebemcela abangani bakhe ukuthi akehlise umoya wakhala ngokuthi uyena uNqobile owamuqalayo waphinde walokhu emgudla kuzo zonke izinkulumo abezibhala.
Kanti no Nqobile ubengazibekile phansi ethuka lensizwa nokugcine ngokuthi akususe abekubhalile nathe ululekwe nguNgubane noVilane ukuba enzenjalo.

Izintatheli zethu zisaphezu kwemzamo yokuxoxa nalaba ababili, NIBEKE ISO

Saturday, 8 August 2015

LUSHAYISA AMAKHALA OLWE NDLAMLENZE

Sekusuke impikiswano kubalandeli bomculo kamaskandi ngemuva kodaba oluphume kwelinye lamaphephandaba abika ngesiZulu namhlanje.
Lephephandaba libike ukuthi umculi kamaskandi uKhuzani Ndlamlenze Mpungose uthe uzakwabo kwezomculo nosanda kwedlula emhlabeni uMtshengiseni Ndidane Gcwensa washona esewethulile kuye amadodana akhe nazwakisa ukuba usebasondeza eduze uma ehamba imicimbi ngenhloso yokuthi afunde kabanzi ngokwenzeka emculweni. UKhuzani uthi uzimisele ngokulekelela labafanyana ngokubafaka nokubakhulisa emculweni ukuze igama leNdidane lingazophela.

Imibono yehlukene phakathi kubalandeli njengoba kukhona abasola lomculi ngokuba usomathuba ogaqele abalandeli baMageza. Kanti abanye bakhala ngokuthi uzophazamisa izingane esikoleni akaziyeke zifunde isikole.
Oyinduna yabalandeli baMageza Amahle uVelo Bhengu ucele abalandeli baMageza ukuthi bangagxumeli ekuphawuleni ngalodaba ngoba kuzogcina kuba ungathi kukhulunywa ngegama lomunye umculi. Kanti abalandeli baka Khuzani bakushayele ihlombe okuzokwenziwa yiqhawe labo nabathi kukhomba ubudoda nokukhula kuNdlamlenze yize bazi ukuthi isizothukwa njengoba amanye amazondo kade engaka Gcwensa esewele kuye.
Omunye wabaholi babalandeli baka Khuzani uPhiwayinkosi Khanyile utuse izinduna zaMageza ngendlela ezenza ngakhona izinto wathi kukhulu abakufundayo kuzona.

Kanti sikuhoshile ngemithombo yethu ukuthi kunomhlangano oyisipesheli osuhlelwe yizinduna zamaGeza namalunga eqembu asele kanye nomndeni ukudingida loludaba.