Saturday, 8 August 2015

LUSHAYISA AMAKHALA OLWE NDLAMLENZE

Sekusuke impikiswano kubalandeli bomculo kamaskandi ngemuva kodaba oluphume kwelinye lamaphephandaba abika ngesiZulu namhlanje.
Lephephandaba libike ukuthi umculi kamaskandi uKhuzani Ndlamlenze Mpungose uthe uzakwabo kwezomculo nosanda kwedlula emhlabeni uMtshengiseni Ndidane Gcwensa washona esewethulile kuye amadodana akhe nazwakisa ukuba usebasondeza eduze uma ehamba imicimbi ngenhloso yokuthi afunde kabanzi ngokwenzeka emculweni. UKhuzani uthi uzimisele ngokulekelela labafanyana ngokubafaka nokubakhulisa emculweni ukuze igama leNdidane lingazophela.

Imibono yehlukene phakathi kubalandeli njengoba kukhona abasola lomculi ngokuba usomathuba ogaqele abalandeli baMageza. Kanti abanye bakhala ngokuthi uzophazamisa izingane esikoleni akaziyeke zifunde isikole.
Oyinduna yabalandeli baMageza Amahle uVelo Bhengu ucele abalandeli baMageza ukuthi bangagxumeli ekuphawuleni ngalodaba ngoba kuzogcina kuba ungathi kukhulunywa ngegama lomunye umculi. Kanti abalandeli baka Khuzani bakushayele ihlombe okuzokwenziwa yiqhawe labo nabathi kukhomba ubudoda nokukhula kuNdlamlenze yize bazi ukuthi isizothukwa njengoba amanye amazondo kade engaka Gcwensa esewele kuye.
Omunye wabaholi babalandeli baka Khuzani uPhiwayinkosi Khanyile utuse izinduna zaMageza ngendlela ezenza ngakhona izinto wathi kukhulu abakufundayo kuzona.

Kanti sikuhoshile ngemithombo yethu ukuthi kunomhlangano oyisipesheli osuhlelwe yizinduna zamaGeza namalunga eqembu asele kanye nomndeni ukudingida loludaba.

1 comment: